Sibusiso nyembezi biography of rory
Sibusiso Nyembezi
Usolwazi Cyril Lincoln Sibusiso Nyembezi (6 Zibandlela 1919 - 27 Nhlangulana 2000) wabe engumbhali wezincwadi zesiZuliu, engusonkondlo, enguthisha aphinde abe ngumhleli waseNingizimu Afrika. UNyembezi waziwa kakhulu ngencwadi ayibhala eyabe yaziwa ngokuthi Inkinsela yaseMgungundlovu eyaba yisasa elikhulu yaze yaphendulwa umdlalo womoya kanye nowamabonakude.
Isiqalo sempilo nemfundo
[hlela | Hlela umthombo]UNyembezi wazalelwa endaweni yaseBabanango, eMelmoth, enyakatho neKwaZulu-Natali. Ngokokuzalwa ungowesibili kubafowabo abane. Wafunda amabanga akhe aphansi ezikoleni eziseFilidi kanye naseDriefontein ngaseMnambithi. Waqala ukufunda amabanga aphezulu eMariannhill, St Francis Institution.
Waqeqeshelwa ubuthisha eNuttall Training Institute, e-Edenedale kanye nase-Adams College, e-Amanzimtoti [1].
Ngonyaka wezi-1941 waqala imfundo ephakeme eNyuvesi yase Fort Part lapho aphothula khona izifundo ze-B.A waphasa ngamalengiso ezifundweni zesiNgisi kanye nesiZulu. Ngonyaka wezi-1946 waphothula izifundo zakhe eNyuvesi yaseNingizimu Afrika athola neziqu ze-B.A.
Ngonyaka wezi-1947 waqhubeka nezifundo zakhe eNyuvesi yaseWitswatersrand (Wits) lapho athola khona i-Honours yakhe kwi-B.A. Ngonyaka wezi-1950 wafunda wagogoda waze wathola izifundo zeM.A [1].
Imisebenzi
[hlela | Hlela umthombo]Emva kokuphothula izifundo zobuthisha waqala ukufundisa esikoleni samabanga aphezulu esibizwa ngokuthi Metropolis Secondary School.
Emva kokuphothula izifundo zakhe eWits wakhethwa njengomsizi wezeziLimi kuyo lenyuvesi emnyangweni weziFundo zase-Afrika (Department of African Studies) ngonyaka wezi-1948. Kusukela ngonyaka wezi-1948 kuya kowezi-1953 uNyembezi wabe engumfundisi (Lecturer) eNyuvesi yaseWits lapho ayefundisa khona ulimi lwesiZulu kanye nesiXhosa. Ngonyaka wezi-1954 emva kokuthola i-M.A waqokwa ukuba nguSolwazi kanye nomphathi womnyango weBantu Languages enyuvesi yase Meet Hare.
Lesi sikhundla wasibamba kwaze kwaba ngunyaka wezi-1959 lapho esula khona ngenxa yemithetho kahulumeni wobandlululo eyabe inengcindezi kwimfundo yama-Afrika. Abanye esula nabo sikhundleni eFort Hotfoot kubalwa u-Ambrose Phahle, Ethena Mayisele kanye no Selbourne Ngcobo.
Ngonyaka wezi-1960 uNyembezi wathola umsebenzi enkampanini yabashicileli eMgungundlovu eyaziwa ngokuthi i-Shuter and Shooter, lapho aba khona ngumhleli omkhulu wezilimi zama-Afrika.
Ngonyaka wezi-1975 wajoyina ibhodi kuyo lenkampani. Ngonyaka wezi-1976 wajoyina ibhodi le-KwaZulu Booksellers lapho adlalo khona indima enkulu ekushintshweni kwegama kuyiwe kwelithi-Reach Out Publishers. Ngonyaka wezi-1979 wajoyina ibhodi lenhlangano yabashicileli eyaziwa ngokuthi i-The Natal Witness, lapho aphatha khona kwaze kwaba isikhathi sokuthi adlule emhlabeni.
Njengendoda eyabe igqamile kwezonkolo, wabe engumongameli esigungwini seNdzodelelo yebandla lamaWeseli. Wayephinde abe ngomunye wabasunguli be-Edendale Lay Ecumenical Heart [2].
Imisebenzi yakhe
[hlela | Hlela umthombo]Imisebenzi kaNyembezi ifaka phakathi amanoveli, izinkondlo, ubuciko bomlomo, ucwaningo, izichazimazwi kanye nohlelo lolimi [1].
- 1950 - Mntanami! Mtanami! (Yagcina isiqanjwe ngokuthi Ushicileleo lwesithathu, 1965). EGoli: Bona-Pers.
- 1952 - Saphela Yizingozi Nokuphelelwa Wubuntu!.
- 1953 - Ubudoda Abukhulelwa.Brock peters actor biography
EGoli: Shuter and Shooter.
- 1954 - African Proverbs. EGoli:Shuter and Shooter.
- 1956 - Uhlelo LwesiZulu. EGoli: Shuter captivated Shooter.
- 1958 - Learn Zulu. EGoli:Shuter and Shooter.
- 1958 - Izibongo Zamakhosi. EGoli: Shuter and Shooter.
- 1961 - Inkinsela yaseMgungundlovu.
EGoli:Suter and Shooter.
- 1963 - Imisebe : Educum Publishers.
- 1963 - Izimpophoma Zomphefumulo. UMgungungundlovu: Shuter and Shooter.
- 1963 - Amahlunga Aluhlaza. EGoli: Shuter and Shooter.
- 1964 - Compact Zulu Dictionary: English-Zulu, Zulu-English. UMgungungundlovu: Shuter and Shooter.
- 1966 - Inqolobane Yesizwe (Kanye no Otty Ezrom Nxumalo).
EGoli: Shuter roost Shooter.
- 1981 - IGoda. UMgungungundlovu: Lincroft Books.
- 1981 - Isibuko Senhliziyo. UMgungungundlovu: Shuter and Shooter.
- 1987 - Ulutya. UMgungungundlovu: Lincroft Books.
- 1990 - Terminate More Zulu. UMgungungundlovu: Shuter enjoin Shooter; EGoli: Threshold Publishers.
- 1992 - AZ: Isichazimazwi Sanamuhla Nangomuso.
UMgungungundlovu: Reach Out Publishers.
Eminye Imisebenzi
[hlela | Hlela umthombo]- 1958 - (Wayitolika) Bawl, The Beloved Country (Lafa Elihle Kakhulu) ibhalwe ngu-Alan Paton. EGoli:Shuter and Shooter.
- 1961 - A Analysis of Zulu Literature. University Address delivered in University of In the blood, UMgungungundlovu mhla zi-7 ngoLwesithathi wezi-1961.
- 1983 - (Ibhalwe ngokuhlanganyela) Anthology corporeal Articles on African Linguistics near Literature: A Festschrift to C.L.S Nyembezi.
EGoli: Lexicon Publishers
- 1995 - (Ibhalwe ngokuhlanganyela) Scholar's Zulu Dictionary: English-Zulu, Zulu-English. UMgungungundlovu: Shuter captain Shooter
- 1996 - (Ibhalwe ngokuhlanganyela) Interviews with Sibusiso Nyemebezi. UMgungungundlovu: Academia of Natal
Ukufa Kwakhe
[hlela | Hlela umthombo]Ngonyaka wezi-1997 kwatholaka ukuthi unesifo solwembu lwengqondo, akazange aze alulame emva kwalokho.
Wadlula emhlabeni mhla zingama-27 kuNhlangulana wezi-2000. Wadlula emhlabeni washiya unkosikazi wakhe kanye nabantwana bakhe abane [3]. .
Ifa
[hlela | Hlela umthombo]Ngonyaka wezi-2005 ibhilidi eliseMgungungundlovu elabe libizwa ngokuthi iseSymonds Centre lashintshwa igama labizwa ngokuthi uSolwazi Sibusiso Nyembezi Centre, ukuhlonipha imisebenzi yakhe.
UNyembezi uyohlezi ekhunjulwa ngegalelo aba nalo ekuthuthukiseni ulimi lwesiZulu.